USana Mchunu odlala indawo kaZodwa emdlalweni iGomora kuMzansi uthe izigameko zempilo ziyamsiza ukudlala indawo kaZodwa ngempumelelo.
UMLINGISI ozakhele ugazi kubabukeli bomdlalo waphakathi nezinsuku kuMzansi Magic, iGomora uSana Mchunu uthi indawo kaZodwa ayidlalayo, yowesifazane okhulisa ingane yentombazane angayizali esingene esitejini, imvusele umunyu ngoba imkhumbuza impilo yakhe esakhula.
Uthe ngesikhathi ekhula eSoweto, akazange alalele iziyalo zikanina nokwaholela ekutheni azale emncane, kodwa akazisoli ngabantwana abayisikhombisa uNkulunkulu ambusise ngabo.
Usanda kuklonyeliswa ngendondo yeFavourite Actress kumaDSTV Viewers Choice Awards ngendawo ayidlala kwiGomora.
Exoxa neSolezwe, uthe indaba yokukhulisa ingane yentombazane elokishini inzimakubazali, abathi bephunga lokhu, kuqhamuke lokhu.
Engena kwiGomora ethatha indawo kaZodwa ongumama oyisidakwa okhulisa indodana yakhe uTeddy ngayedwana, usethwele nomsebenzi wokukhulisa nendodakazi angayizali uSibongile (indawo edlalwa uNandipha Khubone) owashiywa wuyise, abalandeli bakhe bamncome ngokuthi usalokhu eyibambile.
UZodwa uqhamuka namasu okukhipha uSibongile empilweni yokuthanda izinto nokuluthwa umuntu wesilisa omheha ngemali. USibongile ugcina ngokushintsha impilo yakhe.
Uthe le ndaba ukholelwa ukuthi iyona ekhulise ugazi analo kubabukeli beGomora.
“Ukukhulisa ingane yentombazane akuyona into elula. Omama babhekana nenkinga yokufaka izingane zamantombazane endleleni ngoba ziningi izithiyo. Nami ngiwenzile amaphutha ngikhula."
Ngisebenzise indlela nami engikhulise ngayo abantwana bami bamantombazane, neziyalo engangizinikwa owami umama ukuze ngidlale indawo kaZodwa.
“Angiyena umuntu okufunda ncamashi engisuke ngibhalelwe kona phansi uma ngilingisa. Ngithi ukuvuvuzela okwami ngifake isinongo sikamama waselokishini ukushubisa izinto kancane, ngibhede nesiNgisi kubenjeya, nokuyinto ophrojusa ababengayithandisisi ekuqaleni. Bagcina sebebona ukuthi iyona eyenza uZodwa athandwe kangaka nangababukeli.
"Nganginovalo lokuthi kungenzeka abantu babone sengathi ngiqinisa kakhulu umthetho noma ngimthethisa kakhulu uSibongile ngoba ngingamzali. Engifuna ababukeli bakwazi ukuthi uMzozozo uyamthanda uSibongile futhiufuna ukumbona ephumelela."
"Ngikhula bengigangile, kunezinto ezenzeka ngoba angizange ngilalele iziyalo. Yize ngingazisoli ngokuthi nginabantwana abayisikhombisa kodwa sengiyabazi ubungozi bokwenza izinto isikhathi singakafiki. Ngashada ngimncane ngoba ngangibalekela inhlupheko ekhaya. Kuthe uma sekunzima emshadweni, abantwana bami banginika isibusiso sabo sokuthi ngibuyele ekhaya."