Ngino-50, angikaze ngimuthi mbibi umuntu wesifazane
Umbuzo:
MAGUMEDE ngingowesilisa osekhulile impela. Ngineminyaka ewu-50. Angikaze ngiganwe nhlobo selokhu ngavela futhi angikaze ngilale nomuntu wesifazane ngokocansi. Akekho oyaziyo le nto ngoba ngisho abantu engisondelene nabo kabazi. Bengike ngishele uma ngizidlalela, intombi ivume bese siyathandana kodwa ngingaceli ukuya nayo ocansini. Induku yami iyavuka futhi ngiyayishaya indlwabu kodwa hhayi njalo. Eqinisweni imande ngibona manje ukuthi nginenkinga ngoba sonke lesi sikhathi bengingenandaba nomuntu wesifazane. Inkinga enkulu ke ukuthi ngiyasaba ukuqala manje njengoba sengimdala kangaka. Khona akubonakali ukuthi ngimdala ngoba ngiyajima futhi ngingumgijimi wamabanga amade okujikeleza umhlaba. Ngicela ungibonise ngingenza kanjani, okanye ngisale sengiyeka?
Impendulo:
AKUKHOLAKALI khona ikakhulukazi ngoba ungumuntu wesilisa. Kuyinto enhle ukuzigcina kodwa wena sengathi usuzigcine kakhulu. Angazi ukuthi zithini izinhlelo zakho noma ufuna ukuqala ngokulala ubone ukuthi kuyenzeka yini, bese ugcina ngokuganwa. Kodwa mina bengizothi uma usuzimisele ngokuganwa kungangcono uthathe umuntu oyedwa ozomthanda umhlalise phansi, umchazele udaba lwakho, umtshele nokuthi usufuna ukuthatha umfazi. Lokho kuzokusiza nokuthi ungathi usuzigcine kangaka uphinde ugcogcome ugcine usuthola izifo zocansi. Ngikufisela inhlanhla njengoba usazoqala ukubhekana nenkomo.
Related Topics: