ISOUTH African National Taxi Council (Santaco), ithe iphoxekile ngokunyuka kwentengo kaphethroli nodizili njengoba lokhu kunomthelela omubi kubantu bakuleli abadonsa kanzima. isithombe: Dumisani Sibeko 474
ISOUTH African National Taxi Council (Santaco), ithe iphoxekile ngokunyuka kwentengo kaphethroli nodizili njengoba lokhu kunomthelela omubi kubantu bakuleli abadonsa kanzima.
UNkk Mmatshikhidi Rebecca Phala, okhulumela iSantaco kuzwelonke, uthe yize uphethroli nodizili uhlezi unyuka kodwa imali yokugibela amatekisi bayinyusa kanye ngonyaka.
“Ilitha likaphetholi selinyuke ngo-75 cents, elikadizili ngo-73 cents. Lokhu kuzokwandisa izindleko zethu. Imboni yamatekisi ayiyinyusi imali yokugibela ngoba isuke icabangela abagibeli. Iningi labo abasebenzi, abafundi namalungu omphakathi abathembele embonini yamatekisi ukuya ezindaweni ezihlukene,” kusho uNkk Phala.
Utshele abantu ukuthi imboni yamatekisi iyabanakekela abagibeli, yingakho ingayinyusi imali yokugibela uma kunyuke uphethroli nodizili.
Unezezele ngokuthi mhla uphethroli wanyuka kangangokuthi abanikazi bomsebenzi abasakwazi ukuthwala izindleko, ubuholi obuphezulu beSantaco buyohlala phansi bese buthatha isinqumo esiyomenyezelwa emphakathini.
Uthe ukunyuka kukaphethroli nodizili kuyabahlupha nabo beyimboni yamatekisi ngoba kusho ukunyuka kwezindleko zabo.
Ubalule ukuthi njalo ngonyaka amasondo, amafutha nezinye izinsiza zamatekisi ziyanyuka, ngakho uphethroli wandisa ijoka abalithwele.
Uthe bazoqhubeka nokulwela ukuthi uhulumeni abaxhase beyimboni yamatekisi ukuze bakwazi ukubhekana nezindleko ezihlukene.
Uveze ukuthi imboni yamabhasi iyaluthola uxhaso kuhulumeni kodwa bona embonini yamatekisi bazithwalela zonke izindleko yize nabo bethutha umphakathi.
Related Topics: