Impicabadala ngesidumbu somfundisi esibhadle emakhazeni isithombe: Chris Collingridge 539
IYINDABA egudwini kumalungu omphakathi waseMzimkhulu, indaba yesidumbu somfundisi okuthiwa sesibhadle emakhazeni izinyanga ezine.
Kuvela ukuthi ukungaboni ngasolinye phakathi kwamalungu omndeni amkhulisa uMfu Zwelabantu Vezi (48) nomndeni wakhe, yikhona osekuholele kule nkiyankiya.
Kuhlaluka ukuthi umufi, owashona ngo-Okthoba 4, ubekade engumsunguli futhi eyinhloko yebandla laseZayoni, iNew Christian Church.
Isolezwe lithole ukuthi umufi ukhuliswe kwaVezi kodwa isibongo sakhe sangempela uGasa.
Kuthiwa umufi akazange agule kodwa wavele walala wangabe esavuka ekuseni nokuyinto futhi okuthiwa amakholwa kawayikholwa uma umkakhe, uNkk Zondiwe Vezi, ewaxoxela yona. UNkk Vezi wakhanyisa amakhandlela inyanga eyodwa ezilile, emva kwalokho wahlanza ngedela.
Umthombo uveza ukuthi akuqondakali ukuthi kungani umndeni wakwaGasa ulwisa abakwaVezi ngale ndlela.
Ilungu lebandla elicele ukuba ligodlwe igama lalo, lithe basola ukuthi abakwaGasa bafuna ukuthola okuthile ngokungcwaba umfundisi.
"Nakuba kungesiyona indaba yethu kuyindaba edinga umndeni kodwa kuyasikhathaza kakhulu ukuthi umholi wethu kuphele isikhathi eside kangaka engakangcwatshwa,'' lisho kanjena.
Ilungu liithe sebezame konke okusemandleni ukungenelela kodwa kumane kufane nje nokuthi bamane bathela amazi emhlane wedada.
Uthe abakwaGasa bagijima bayolanda isidumbu emakhazeni, wathi lokhu akazi nokuthi kwenzeka kanjani, nabamakhaza bakuvuma kanjani.
Leli lungu lebandla liveze ukuthi abakwaGasa beba isidumbu befuna ayofihlelwa kubo eNquthu, hhayi emzini wakhe eMzimkhulu. Lithe unkosikazi kamufi nabakwaVezi kwathi uma befika emakhazeni ngo-Okthoba 11, bathola ukuthi isidumbu sesithathwe ngabakwaGasa.
''AbakwaVezi baqasha inkampani yonogada kwayiwa eNquthu, ngabo lobo busuku salandwa isidumbu sase siyiswa kwamanye amakhaza,'' lisho kanjena.
Kodwa lithi inkinga ekhona manje ukuthi wonke amaphepha kamufi okufaka phakathi incwadi yomshado, eyokufa, umazisi konke akukho kwaVezi.
Lithe basola ukuthi likhona ngaphakathi emndenini izambane elibolile elisebenzisana nabakwaGasa elathatha lezi zinto laziyisa khona.
Lithi lizwe ngamahebezi ukuthi abakwaGasa sebefake nesivimbelo senkantolo sokuthi indodana yabo ingangcwatsha uma ingeke ifihlelwe eNquthu.
Kuthintwa uNkk Vezi uthe kuduma upotiyane manje kuyena ngalolu daba lomyeni wakhe. Uthe kumshiya nenqwaba yemibuzo engaphenduleki okwenziwa umndeni wakwaGasa.
''Ngiyazi ukuthi njengoba benza kanjena nje, yingoba bafuna ukuthola okuthile kukamufi okuyinto abangeke bayinuke,'' usho kanjena ngentukuthelo.
UMnuz Mlungisi Gasa uthe bona kwaGasa bafuna ukufihla ithambo labo ngoba abasathembi lutho ngisho indlela ashone ngayo, bathi ibenza bashaye amakhala.
Ebuzwa ngokuthi kuyiqiniso yini ukuthi umufi akakhuliswanga kwaGasa, ungene ezintangeni wagcina esephendula ngokuthi lezo yizindaba zabantu abadala kunaye.
Mayelana nokuthi bafake isivimbelo senkantolo, uthe kunjalo kodwa angeke anabe ngalokho akudingi intatheli.
UNkk Nomalanga Vezi ongowalapho okuthiwa kwakhuliswa khona umufi, uthe ibucayi indaba kamufi nanokuthi bamkhulisa kanjani bemthola kuphi akathandi ukukuveza lokho. Uthe umufi kumele afihlelwe emzini wakhe noma kwaVezi lapho akhuliswa khona, hhayi kwaGasa.
Uthe uma eyofihlwa eNquthu bayozisola abakwaGasa ngoba bayozwa sengathi bayasha kanti vele sebeshile.
Related Topics: